Inganeko yezilwane uhlobo lwenganekwane ezinhlotsheni ezinhlanu zezinganekwane ezikhona. Inganeko-zilwane inganekwane exoxa ngani?
Kwasukasukela
Kudala umhlaba usanda kudalwa izilwane zonke zazingenayo imisila,
UMdali wabiza zonke izilwane ukuthi zizolanda imisila yazo,
Zavuka ekuseni izilwane zonke zabamba indlela eya lapho kuyolandwa imisila khona,
Kodwa imbila yona yayihleli ematsheni ilokhu imemeza izilwane ezidlulayo
ithi "Ngicela ningiphathele nami umsila", zonke izilwane zahamba zabuya nemisila yazo,
kodwa imbila yona ayizange iwuthole umsila ngoba izilwane azizange ziyiphathele,
Imbila yeswela umsila ngokuyalezela.
Cosi Cosi iyaphela.
Lena inganeko-zilwane ngobani? ngoba ikhuluma ngezilwane, iyakufundisa ngezici zezilwane,
iyakhombisa ukudaleka kwembila ukuthi ize ibe njena kusukelaphi.
Kwasukasukela, Kwakukhona ibhubesi eselilidala, Ibhubesi inkosi yezilwane njengoba sazi, ibhubesi leli lase lilidala seliphila ngokugula, Inkosi yezilwane lena yabe isifuna ukuthatha umhlalaphansi ekubeni yinkosi yesizilwane, Labe selimemezela umhlangano wezilwane ophuthumayo ibhubesi, ihloso yomhlangano kwakuwukukhetha inkosi yezilwane ezophatha esikhundleni sebhubesi. Zifike zonke ke izilwane emhlanganweni, uqale ke umhlangano, ukuze kukhethwe inkosi yezilwane kukhona into ethile izilwane ekumele ziyenze, ngabe yini leyo? izilwane kumele zidle upelepele osesakeni ziwuqede ngaphandle kokuthi zithi "hli", uyazi nawe ukuthi upelepele uyababa uma uwudla uthi "hli".. zijabuleke zonke izilwane, zishaye ujenga, zizodla upelepele osesakeni, bese ibhubesi liyakhuza ukuthi azingatatazeli, ithuba lazo zonke izilwane liyeza.
Ziqale izilwane ezinkulu, kuqale indlovu ilume upelele wokuqala ibekezele, ilume wesibili iqale ihline ithi iluma owesithathu
izwakale ithi "hli" ibuyele icele, kulandele ubhejane uthathe upelepele wokuqala , ize ngowesibili,
ize ngowesithathu ziqale izilwane zihlale amehlo uzwakale ubhejane uthi "Hlii", Zilandele zonke izilwane ezinkulu
zidle upelepele zithi zi"hli", kube ithuba lezilwane ezincane, kuqale umiyane, luze lindiza umiyane luye kupelepele obovu,
lithi liqala lithi "Hlii iyababa lento bengicabanga ukuthi inegazi", ziphele zonke izilwane...
kusale isilwane esisodwa uNogwaja, uKhalulu lona aqale abonge ithuba, abingelele...abese eyaqala ngopelepele
wokuqala ebe ekhuluma ethi Hawu Nawe Ndlovu ngikuthemba kanje udla upelepele uthi "Hli", asho ewuluma uKhalululu upelepele
adlulele kowesibili athi imnandi lento bukani angikasho ukuthi "Hli", nawe bhejane umkhulu ngikuthemba uluma upelepele bese uthi "Hli"
asho uKhalululu ewuluma ngempela upelelepe wazilingisa zonke izilwane ezibala ngamagama esho ukuthi bezithi "Hli",
walidla lonke isaka likapelepele uNogwaja , walithatha walijiba emoyeni, zajabula izilwane zimjabulela ukuthi nguye
ozoba yinkosi yezilwane, Nebhubesi lasincoma isenzo esinobuqhawe sikaNogwaja ukuthi ukwazile ukudla upelepele angasho nokuthi "Hli".
Wabese eyakhethwa uKhalulu ukuthi abe yinkosi yezilwane.
Cosi cosi iyaphela.
tags: Inganekwane yezilwane, inganekwane kanogwaja, inganekwane yebhubesi, inganekwane emnandi
Kwasuka Sukela,
Kwakukhona izilwane ezinhlanu: UNogwaja, iMbuzi, iGusha, Inja kanye noFudu, Lezilwane zonhlanu behlala ndawonye endlini eyodwa☝️.
Kwathi ngelinye ilanga inkemane ingenhla, belambile bahlanganisa amasentshana okuthenga okuya ngasethunjini,
bathuma uFudu ukuthi ilona elizoya ukuyothenga ukudla estolo.
Nangempelake lihambe uFudu, Kwaphela izinsuku ezimbili lutho ukubuya uFudu 😳
Kuzwakale uNogwaja esekhalaza futhi edinwa ethi
"Yabona lento yokuthi kuthunywe uFudu luhamba umathanda thina la endlini silambile😡💔"
Lizwakale liphendula uFudu eFestileni..."Ngizovele Ngingayi Phela Mina🙄"...
Cosi cosi iyaphela.😎
Umuthi wokuphasa wokuhlakanipha esikoleni
Grade 12 Matric whatsapp groups
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |